17/01/2022
Isimemo kwabadinga ukwelekelelwa ukunciphisa ukuphuza
Mangibingelele onyakeni 2022, unyaka omusha!
Kulonyaka ngifisa kakhulu ukwelekelelana nabahlushwa luphuzo. Uma uzithola ngendlela engasakujabulisi kwawena; Uma ukuphuza kwakho kuthatha cishe wonke umholo wakho; Uma uzithola kuthiwa wenze izinto uphuzile, ongazikhumbuli kodwa uzenza; Uma kukuxabanisa nabantu kunokuba kube yithuba lokujabula nje nabangane – kusho okungahambi ngendlela ekuphuzeni kwakho. Isinyathelo sokuqala, nakanjani, ukuthi uvume ukuthi akuhambi ngendlela ukuphuza kwakho. Bese uyeza sikwelekelele! Sikwenza loku sisamndeni okhathalelanayo, nongazikhipheli ngaphandle izimfihlo zomndeni!
We will do this in a group. We will follow the Alcoholic Anonymous Twelve Steps towards recovery. So come.
Dr Dlamini
Specialist Pastoral Counsellor and Pneumatophoros