
27/07/2025
UKUSEBENZA KWESITHUNYWA 🙏 ❤️
•izithunywa zihlukene kuya Ngamandla nangokuthi isthunywa Sani...
•kune Sthunywa sokuboniswa - usbona ngokuboniswa izinkinga zabantu ubatshele amaqiniso abo ubahlolele kodwa angeke akwazi ukubasiza uxazulule leyo nkinga osuke uyibona ngalowo muntu , komele wena uyiphakamele uthole usizo kwabanye abasiza ngokwesintu
•kunesthunywa soku khuleka - Sona sisebenza ngokuthi uThandazela Abantu basizakale ngo MThandazo kuphela , angeke ukwazi ukuboniswa izindaba nezinkinga zabantu kodwa uyokwazi uku khulekela abantu baphile , unesipho soku khuleka ngo MThandazo kuphela
•kunesthunywa sokuLapha - lesi sikwenza ube nolwazi loku Lapha ngamakhambi esintu imithi Kanye nezi Washo , uLapha Zonke izifo Imsamo engcolile Amakhambi enhlanhla abuzwa Kuwe Wonke umuntu oLashwa Nguwe UyaSizakala , kuyenzeka uphuphe izithako zemithi enamandla yokuLapha , umuthi onzima uwuboniswa uLele uPhuphe izithako zokukhanda iziwasho
•kune Sthunywa sempi - Lesi asinakeki ngoba Akusona esokuhlola or ukuboniswa or ukuLapha Sona Silwa neMimoya emibi izilwane othunyelwa zona siyaku Vikela sikuLwele sikuvikele kuba Thakathi abakuThumela imithi emibi , Lesi Sinamandla Silwa nokuqeda izichitho , imeqo , amadliso , o Poison , izilwane nakho konke okubi ukuThunyelwa abathakathi nezitha zakho Sihambisana nedlozi eliku Mbethe Likuphe izinhlanhla Likuvikele
•kunesthunywa sokushumayela - lesi asikhulekeli , asikubonisi lutho kodwa through dream's sikuvezela izinto eziningi ngokomhlaba , nango kwase Moyeni ingakho omunye athi " i had a vision there's a dangerous storm ⚡ coming , womthemba lowo muntu ngoba into ayiboniswayo kusuke kuyiyona
•kunesthunywa solwazi - lesi sikupha lonke ulwazi ngezinto ezijulile zomoya , zomhlaba , zezulu neze Mvelo , konke ofisa ukukwazi , you get to know things ungazi nokuthi uzazi kanjani lesi Sthunywa sazi konke , Le Sthunywa Sikwenza uThande ukufunda uThole ulwazi ngayo yonkinto , i majority inoku Hambisana ne Sthunywa se Zulu 🙏❤️
Mkhulu Meh