
09/09/2025
Ilumbo lokudla
Umuntu nomuntu angakuhlaziya lokhu akubona lana ngendlela yakhe akuqonda ngayo.
Mina ngolwami ulwazana enginalo ngalokhu ekwenzakala kule sithombe, kusuke kucushwa ilumbo elizofika livuke ngaphakathi kumuntu limjuqe ngezikhathi ezithile. Lo hlobo lelumbo lokudla lithandwa kakhulu amandiya, futhi ziningi izinto eziwukudla azisebenzisa nje ngomuthi.
Ngisho nethanga ufika lihlonywe izipikili ama-razor izindobo zokudoba nokunye nokunye, kufakwe no-curry powder abathile bese kuthunyelwe lapho ekumele kuyosebenza khona. Iqanda isikhali sabo esikhulu futhi benza okuningi ngalo okuhle nokubi, no-cooking oil nawo bayawusebenza nje ngomuthi.
Nami indlela engazi ngayo le engiyichaze la, nomunye nomunye angahlaziya ngendlela yakhe abona ngayo.
Sibonge