Bhodles'godini ZN

Bhodles'godini ZN sichaza amakhubalo
(1)

IlethaLo muthi singadidiseki kukhona "iletha elibomvu nelimhlophe" bese kuzobakhona "ilethi" imithi emibili leyo engafan...
26/10/2025

Iletha

Lo muthi singadidiseki kukhona "iletha elibomvu nelimhlophe" bese kuzobakhona "ilethi" imithi emibili leyo engafani.

Lo muhle ezihlanzini zokudonsa, emabasweni , ezigubhini nase zingcabweni zokudonsa, ungene ezinkambeni, ungene emithini yokulanda.

Sibonge

UmthundulukaLo muthi unezimila eziba bomvu uma sezivuthiwe, ungena emthini wokulapha ama-ulcer, ulaphe umhluma, ulaphe a...
26/10/2025

Umthunduluka

Lo muthi unezimila eziba bomvu uma sezivuthiwe, ungena emthini wokulapha ama-ulcer, ulaphe umhluma, ulaphe ama izifo ezithathelana ngoncansi, ungena wokususa amabhadi namathunzi amnyama, ungene ezikhafulweni.

Sibonge

Ngibingelele kuleli khaya.InzuzaNali olunye uhlobo futhi lenzuza, nawo lo umuphakathi emanzini awumili kwenye indawo. Im...
26/10/2025

Ngibingelele kuleli khaya.

Inzuza

Nali olunye uhlobo futhi lenzuza, nawo lo umuphakathi emanzini awumili kwenye indawo.

Impela uma ufuna ukubona izimfihlo zase manzini, noma ufuna ukudonsa noma usemazni ungabowushiya lo muthi ezinkambeni. Kodwa angikugcizelele lokhu kokuthi ukudla imithi yasemanzini kakhulu, usengcupheni yokuthi ngelinye ilanga nihambe nithi niyemanzini ufike usale khona.

Sibonge

InzuzaLo muthi awumili kwenye indawo ngaphandle kwase manzini njenge zibu, ungena egobongweni lesithunywa, ungene emithi...
25/10/2025

Inzuza

Lo muthi awumili kwenye indawo ngaphandle kwase manzini njenge zibu, ungena egobongweni lesithunywa, ungene emithini yokugeza uma uvalwe inzuza, uphinde ungene ezikhafulweni ubambele "umwelela uma ungenawo, uphinde uzoba "iphakama" lamanzi.

Lo muthi dlalela kude nakuwo uma ungeke ukwazi ukuwulawula kahle ngeminye imithi bawubophela, ngoba uzokudonsela amanzi ngomsele bayokugcina uwela emfuleni bangabi sabona ukuthi uphelelephi.

Sibonge

UmahwabeshanaLo muthi uwukhunga ngemali kumbe ngobuhlalu obumhlophe ukuze ukudlalelel kakhulu, inkinga inhlanhla elana k...
25/10/2025

Umahwabeshana

Lo muthi uwukhunga ngemali kumbe ngobuhlalu obumhlophe ukuze ukudlalelel kakhulu, inkinga inhlanhla elana kulo muthi, uyangena emthini yokucinga amatoho, ungene ezihlanzini zokudonsa, noma uyakwazi view angeke ungayiphasi lana.

Sibonge

Ngibingelele kuleli khaya.UmalamulelaKunale sinyama oyake uthole ukuthi nemithi ayizweli, uthi mawusebenzisa kuvele kube...
25/10/2025

Ngibingelele kuleli khaya.

Umalamulela

Kunale sinyama oyake uthole ukuthi nemithi ayizweli, uthi mawusebenzisa kuvele kube worse kakhulu. Faka lo muthi emithini yakho yokugquma uzoyishaya yonke leyonto, noma ungumuntu izingane esingahlali esinyeni sakhe ziphuphuma, lo muthi uyayilungisa leyo nkinga.

Sibonge

Iningizimu yesihlahla Lena ngiyazi ukuthi abantu abaningi abayazi bazi lena encane efana "nobutshani bezwe", lena ithola...
23/10/2025

Iningizimu yesihlahla

Lena ngiyazi ukuthi abantu abaningi abayazi bazi lena encane efana "nobutshani bezwe", lena itholakala ngapha ngakithi eNgwavuma.

Inhle kakhulu ezinhlanzi ezimhlophe zenhlanhla, ungene kwezamasoka, ungene ezihlanzini zokudonsa imali, ungene emithini wokuhlakaza iZulu uma lize kabi, ungene nase zingcabweni zokudonsa.

Sibonge

Inhlobisa masoka Lo muthi owezinsizwa ezisaqomisa, kodwa kumele uqale uhlanze igazi ngaphambi kokusebenzisa le nduku. Na...
23/10/2025

Inhlobisa masoka

Lo muthi owezinsizwa ezisaqomisa, kodwa kumele uqale uhlanze igazi ngaphambi kokusebenzisa le nduku. Nakuba zingeke zikweshele izintombi, ama-action uyawabona zithathekile uma usebenzisa le nduku.

Sibonge

UbhembeduLo muthi nawo uyangena emthini wokugeza amathwasa maniwafaka ephehlweni ukuze kusondele amadlozi abeseqhelile f...
23/10/2025

Ubhembedu

Lo muthi nawo uyangena emthini wokugeza amathwasa maniwafaka ephehlweni ukuze kusondele amadlozi abeseqhelile futhi ahlungeke, uyangena kwibhavu lokugeza umuntu obangwa zidalwa noma waphinde wadikilwa idlozi, ungene egobongweni lokungenisa abantu abadala ekhaya, uphinde ubuyise nalo muntu otholukuthi wafela ezintabeni anilazi ngisho nethuna lakhe.

Sibonge

Umhlaba maponjwanaUmuthi wokucupha isibhobo namahlaba lona, ungene emthini wokulapha izinhlangothi enganeni, ungene emit...
23/10/2025

Umhlaba maponjwana

Umuthi wokucupha isibhobo namahlaba lona, ungene emthini wokulapha izinhlangothi enganeni, ungene emithini yokuphindisa, ungene emthini wokucupha umthakathi uma ezoganga avuvukale izinyawo none stop, ungene ezimbizeni zomhluma, ungene kwi-stuff sokubethela nesokuqina.

Sibonge

Ngibingelele kuleli khaya.Udongqa lezithuthaLo muthi ululwa nayo yonke inhlobo yemimoya engahlambulukile namathunzi amny...
23/10/2025

Ngibingelele kuleli khaya.

Udongqa lezithutha

Lo muthi ululwa nayo yonke inhlobo yemimoya engahlambulukile namathunzi amnyama.

Uyageza ngawo mawuphuma emncwabeni noma ukade weqa iziko, ungene emzini yokuhlambulula isigodlo, ungene kwibhavu lokugeza, uhlambulule izigubhu uma ubona ziphelelwa amandla, ugeze ngawo amathwasa ngaphambi kokulifaka ephehlweni ukuze imimoya engahlambulukile isheshe iziveze.

Sibonge

IfembaLo muthi muhle kakhulu ekugezeni lonke uhlobo owamathunzi, uyachela uxoshe imimoya emibi ebaleni, ungene ezinyamaz...
22/10/2025

Ifemba

Lo muthi muhle kakhulu ekugezeni lonke uhlobo owamathunzi, uyachela uxoshe imimoya emibi ebaleni, ungene ezinyamazaneni zokuxosha imimoya, ungene makwenziwa ifemba, awusali kwibhavu lokuyo geza emfuleni.

Lo muthi uma uwusebenzisa ufika emzimbeni ukufembe, ususe zonke izinkinga ezikukhungethe kuvuleke izinto.

Sibonge.

Address

F1244 David Sponono Gasa Road
Durban
4031

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Bhodles'godini ZN posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram