23/07/2025
AMAPHUPHO
1 Ukuphupha ugunda/ugunde izinwele kuchaza ukulahleka kwamandla wakho noma ukwehla kwamandla esithunywa sakho
2 Ukuphupha unethwa yimvula enkulu kusho izinyembezi ozozikhala
3 Ukuphupha udakiwe kusho ukuthi uzogula kakhulu or kunosondele kuwena ozogula
4 Ukuphupha amanzi angcolile, amakaka, kubika isichitho
5 Ukuphupha usenza isex or udla kubika isilwane
6 ukuphupha unezinwele ezinde or undiza kusho ukukhuphuka kwamandla wakho or Isithunywa sakho
7 Ukuphupha usesikoleni or ugqoke uniform, amabhubesi, izingwe, izinkomo ezibovu kubika intwaso or ukuthi kukhona okusha ozokufunda
8 Ukuphupha udutshulwa, izulu liduma, or ulwa kubika izitha zakho, Uma ugcine unqobile kuhle, Uma wehluliwe kubi
9 Ukuphupha izicathulo kubika indlela osazoyihamba, uma zizintsha kusho ukuthi izobayinhle, Uma zidabukile kusho ukuthi izobayimbi
10 Ukuphupha Imali kubika inhlanhla, Uma iyisiliver elimhlophe kuhle, Uma ingamaphepha kusho ukuthi izohamba kancane inhlanhla, Uma kuyisiliver elimnyama cha yibhadi
11 Ukuphupha ukhala kubika injabulo enkulu ezayo
14 Ukuphupha umgcwabo kubika inhlanhla / Umshado
15 Ukuphupha inyama ebovu, umshado kubika isifo
16 Ukuphupha usesikhathini kubika Ischitho
19 Ukuphupha imbewu or izithelo kubika isisu pregnancy
20 Ukuphupha amaphepha kubika indlala or inhlupheko
21 Ukuphupha umuzi ungenalo uphahla kubika ukuthi inhloko yekhaya izoshona
22 Ukuphupha imvula eshaya Kahle ekhizayo kubika izinhlanhla
23 Ukuphupha ijazi lenkonzo, Ulwandle, isiziba, amakhandlela, impophomo kubika ukuphakama kwesithunywa
24 Ukuphupha unyuka intaba kubika ubunzima obhekene nabo, Uma uyinyukile kusho impumelelo, Uma uhlulekile kubika ukunqontshwa
25 Ukuphupha amaqanda kubika inhlanhla, but Uma efa kubika ubunzima obuzayo
26 Ukuphupha umlilo or udliwa yizinja kubika ulaka lweThongo
27 Ukuphupha izilwani ezihlala emanzini kuyinhlanhla kusho nokuhlambuluka kwesithunywa
28 Ukuphupha abantu abakhulu omengameli kubika ubukhulu bamandla onawo