14/12/2023
Thokozani Ndlu yakwethu🙏
Mtaka baba yazi uyomangala mhlazane wathola ukuthi zonke izihlahla ezikhona zinomsebenzi wazo & ziwu muthi kodwa inkinga ulwazi esisuke singenalo e.g mina ngakhula ngazi ukuthi uqadolo( black jack) uyimfino edliwayo Umangabe usuke usu nembali or lokhu okumnyama kusuke sekuwukhula lolo oludinga ukuhlakulwa or lucentwe kulahlwe but ngathi Umangabe ngiya kwezinye izindawo ngafike ngathola ukuthi umuthi lo & zange ngikholwe kangangokuthi ngaze ngafuna ukuwusebenzisa ngalendlela yabo ukuze ngibone ukuthi umuthi ngampela and ngakwenza lokho ngathola ukuthi kuyiqiniso ukuthi umuthi & umuthi owusizo, kuphinde kuzoba nalokhu thina maZulu esikubiza ngo khohlokhohlo ( isihlahla esingalawuleki njengo sandanezwe) yazi ngabamba ongezansi mhla ngithola ukuthi umuthi kuphinde kuzoba nalokhu esikubiza ngo Tshwala bezinyoni yebo khona ngangikwazi ukuthi kuwusizo but ngathi Umangabe ngixhumana nabanye abaphuma kwamanye amaZwe ngathola olunye ulwazi oluyiqiniso ngalo Muthi yazi welapha izinto thina maZulu ebesikholelwa ukuthi zelashwa esibhedlela nakuma private doctor's kuphela.kuphinde kuzoba ilesi hlahla esisibiza ngomalala ( othi Umangabe usithinta silalise amahlamvu a*o/ sibunise amahlamvu) yazi siwumuthi omuhle kabi lesihlahla ukubeke eceleni lokhu kokuthi singena ezindukwini zokucupha kodwa Umangabe sekuziwa ekulapheni umuntu siwu 100% 🤞& sisebenza sisodwa vho☝️, bese ulokhu ubezwa emakhoneni sebethi " umuthi awusebenzi " konje ingabe lemithi kanye nama philisi okudayiswa ema pharmacy ingabe kwakhiwa ngechibi, ngezi Washo or ngezihlahla 🤔? Umangabe uyithola impendulo ake uzinuke amakhwapha mtaka baba ingabe lendlela ohamba ngayo ayikusi ehlathini # mina ngiyi Kholwa indaba ye Dlozi nomuthi angiyingeni, but ubathola sebebambe ama long distance beyolungisa izinto zabo usaleke wena ubambe ele Ntulo( uMuthi noku Kholwa izinto ezingahlangani) vulani amehlo bese nisabalalisa imiqondo yenu Zingane zakwethu 👏