04/11/2025
Kuthiwa umprofethi akabi ngumprofethi ngakubo, nakubo ebaleni kwabo.
Uma umoya owamkhomba ezalwa, usuphakama, usufuna ukusebenza, kumele ahambe aye kude nala azalalwa nakhona, kude nozalo lwakhe. Uma engakwenzanga lokhu, uyohlale enezinkinga.
Uyazi ukuthi lezi zinkinga zidalwa yini?
Uma nizelwe ekhaya, niyizongane zoMnumzane, nikhula n**i ukuthi niyefana nje, kwesinye isikhathi nize nikubange ukuthi abazali kubukeka sengathi abaniphathi ngendlela efanayo. Lomoya uyakhula ube mkhulu, ube mubi kakhulu uma omunye wenu egcekeni nasozalweni lonke, esekhombisa ukuba nezimpawu zokuthi yena wehlukile, ubuka aphinde enze izinto ngendlela eyehlukile nokwenza ukuthi nempilo yakhe yehluke kakhulu kini nonke, ngisho engakaphathi mcebo esandleni.
Abadala bethu ababehlakaniphile babekwazi lokhu, nokuyingakho babekuqinisekisa ukuthi uma ufika esigabeni esithile njengomfana, uyihlo akulobolele umfazi, bese ekukhipha inxiwa. Izinto zakho owazabelwa uzalwa, zonke kumele uzithole usulaphaya, wedwa, nomfazi/nabafazi nezingane. Kuba kubi kakhulu, kuphinde kudale izinkinga ebaleni uma lomoya okuwe uzophakama, uziveze nisebaleni elilodwa.
Kudaliwe ukuthi njengoba nizelwe nje, niphathiswe izinto ezingefani nezingalingani. Uma ke zikhuphuka izinto nisebaleni elilodwa, zizoshayisana, kuvumbuke umoya othi seniyaxabana, kanti cha, akukhona ukuxabana kwangempela. Ithi into “mina sengikufuna uwedwa manje, khona ngizokunika lokhu lokhu okukudala ngikuphethe, okungokwakho”.
Zihlale zikhona izimpawu ezikutshelayo ukuthi khula manje ndoda, uphume ebeleni, uzimele, kodwa ukuzibe lokho ngokwesaba ngoba awuyazi lento yokuzimela. AbaNtu obaziyo yilaba ozalwe nabo, uyabathanda futhi ungakufela ukuba nabo nokuthi babe nezinto ezinhle njengawe. Umbuzo uthi kazi bona banokuzwa ofanayo yini ngawe.
Uma ke nizalwa ndawonye, abanye baye bazizwe benamagunya amakhulu phezu kwakho, ngendlela yokuthi uma usuhamba ngendlela abangayazi nabangayiqondi, bafune ukukulawula. Empeleni basuke sebefuna ukukunqunda