23/07/2025
Ukubaluleka kwamaphilisi abantu abakhulelwe.
Amaphilisi anikezwa abantu abakhulelwe abaluleke kakhulu.
Kukhona asiza ukukhanda igazi ukuze umama ezokwazi ukuthi alidlulisele enganeni, lingamushodeli naye umama.
Avikela ukuthi angabi nenkinga yokopha uma eseteta.
Lawa okuthiwa i folic acid avikela ingane ingazalwa nokukhubazeka okubizwa ngama neural tube defects.
Avikela ukuth umama angabi nenkinga yokudlikiza uma enyukelwa I BP.
Kubalulekile ukuqala I clinic early nokudla amaphilisi akho abakhulelwe kahle.
Sikhona Unjani Clinic Umlazi ukukusiza kukho konke okuphatheleni nokukhulelwa .
Sivakashele , sihlezi sivulile kusukela NgoMsombuluko kuze kube uSunday🙏