Mthandazi Siyanda Miya

Mthandazi Siyanda Miya Ngiyisisebenzi sikaJehova ngisebenza ngokukamoya. Ngiyinzululwazi nengcithabuchopho.

15/07/2025

Akubona bonke abantu othi uma bikela usizi lwakho bazwelane nawe.

Bathanda ukuzwa ukuthi uxakeke kanjani futhi kangakanani bese bayaku xhaphaza.

Uqhaphele yezwa.

15/07/2025

It came to my attention that now I am no longer a youth. I am now a junior adult mid thirties age.

I want to reflect back to my youthful years.

My youthful years were very challenging.

1 I have been an example of someone who was smart at school but never made it after matric.

2 I never had a stable job. I only got temporary job sometimes I will work 4 months and then I will spend rest 8 months unemployed.

3 I have a short term relationships since I was struggling financially I could not afford the basic things. The most women I met they left me as a result of being poor.

4 The little money I had I never spend it me or on things I like. I spent it on traditional healers. I was trying to resolve the problems of being unlucky in life. I never empowered my self.

5 I have been a laughing stock to my peers especially those who I were with them at school. My relatives will always chant education never pays when I'm around.

Although my life is low but I am thankfully to God for that in all these challenging years He has been with me.

Thanks

15/07/2025

Ngiyathokoza ngalokho engiyikhona manje. Ngijabule ngenamhlanje lami. Kepha ngithokoza kakhulu ngekusasa lami nalokhu engizoba yikho kusasa

Izolo lami belintenga kepha inamhlanje lingcono ikusasa lona lizobe liqhakazile.

Intando kaNkulunkulu ukuthi ngiphile lempilo. Engingenakho uSomandla akakathandi ngibe nakho umesethanda angeke ngikucele kuwena.

Mangibonge

15/07/2025

Vuka uzithathe.

Lapho uwile empilweni. Noma ngabe yiyiphi ingqinamba obhekene nayo nomangabe isiphi isimo esikuwisile.

Nomangabe bungakanani ubuhlungu obuzwile kulokho kuwa.

Vuka uzithathe !!!

Vuka uzithathe Vuka uzithintithe
Phokophela phambili phikelela
Uhambo lwempilo lusaqhubeka ungadikibaliswa ukukhubeka.

Sibonge 🙏🙏

15/07/2025

UKUZITHUTHUKISA SIQU

Kusho ukuthini ukuba nguwena.

Emagumbini amane omhlaba amukho onguwena unguwe nje qha. Wahlukile.

Wehlukile ngokudalwa ngokuphusa nangokucabanga. Unenhlakanipho yakho yokudalwa eyisiphiwo sakho esingafani nesamuntu.
Lokho kungamandla akuwe.

Ukuba nguwena kumayelana nokuphila impilo yakho ungayiqhathanisi neyamuntu ngoba impilo ayiwona umcintiswano.

Umuntu okufanele uziqhathanise naye ilo okade uwuyena izolo nalo onguyena namhlanje.

Kumayelana noziqonda nokuzazi ukuthi ungubani ukwazi imvelaphi usikonkolo nosikompilo nenqubo yakho.

Ukuzethemba

Ukuzihlonipha

Ukwazi ukubaluleka kwakho nokwazi indawo yakho. Injabulo.

Ukwazi ukuzikhethela

Ukuzithathela izinqumo.

Ukuzahlukanisela.

Uma uzazi ukuthi ungubani wazi ukuthi ubhekephi nakanjani uzophumelela.

Impumelelo yokuqala kumuntu ngamunye ukuziqonda ukuthi ungubani. Kubalulekile ukuthi uzifune uzithole.

Sibonge.

15/04/2025

Ngiyambonga uSomandla ngakho konke okwenzekile empilweni yami. Angimsoli ngalutho uSmakade.

Zonke izimo izingqinamba nezinselelo ngizithatha njengenxenye YEMPILO yami

Zifana njengesiphiwo sami.

Namhlanje nginokuqonda okukahle ngempilo. Isimo nesimo besinesifundo sakhona.

Okungithokozisa kakhulu ukuthi ngikwazile ukubona abantu abaphila nami ngokweqiniso nalapho khona ngihlwempu ngingenalutho nalaba abalindele utho kuphela kimi uma ngingenanto ngiyinja kubo.

Namhlanje ngiyawazi umndeni wami weqiniso.

Namhlanje ngiyabazi abangani beqiniso

Impilo sengiyibuka ngeso elinye manje uJehova ungikhulisile.

🙏🙏🙏

15/04/2025

🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️

UBIZO LUKAMOYA LUYIMPI YEMPILO.

Ngibingelele kubantwana bethongo izindlalifa zedlozi nabobonke abathunyiwe ngokukaMoya.

Lolubizo lukamoya lunzima. Igxathu ne gxathu olithathayo linenqinamba yalo. Ileyo naleyo nqinamba inomthelela empilweni yakho.

Kulendlela noma kuloluhambo LINCANE IQINISO kepha ININGI INKOHLISO.

Labo abaphambili asebeyhambe kuqala indlela abakutsheli okuyikho noma abakwenzeli lokhu okuyikho. luncane usizo oluyilona.

Akekho othi AKAZI ngisho ezaz kahle ukuthi AKAZI. Wonke umuntu ungenhla akekho ongenzansi.

Futhi kulendlela kukhona UMONA ne NZONDO.

Vula amehlo ubheke uqaphele. Ungathathi izinqumo okungezona ngenxa yengcindezi.

Kepha konke okwenzeka kumuntu empilweni kuyisifundo sempilo esiqondene naye.

Wonke umuntu ubekelwe impi yakhe empilweni okumele nakanjani ayinqobe ukuze afumane umqhele wakhe ekugcineni.

09/03/2025

To everyone reading this Keep going. No matter how stuck you feel, no matter how bad things are right now, no matter how hopeless & depressed you feel, no matter how many days you have spent wishing things were different. I promise you won't feel this way forever. Keep going.❤️

18/08/2024
Ukukhululeka komqondo kuyawuphilisa umphefumulo. Zonke izinto emhlabeni uzizuza ngokwenza okuthize. Akukho okuzenzekela ...
27/06/2024

Ukukhululeka komqondo kuyawuphilisa umphefumulo.

Zonke izinto emhlabeni uzizuza ngokwenza okuthize. Akukho okuzenzekela ngokwakho.

Okubalulekile yilokhu

Ukwazi inhloso yakho nalokho okuphokophele empilweni.

Ukuzimisela nokuzinikela ukuze ufeze lokhu okufisayo.

Amaphupho angeke afezeke uma wena ungasebenzi kanzima ukuwafeza.

Isinyathelo okufanele usithathe MANJE! sokuthi ufake umfutho uzinike ugqozi kukhona konke okwenzayo.

Impumelelo yempilo yakho isezandlani zakho. Kukuwe ukuwafeza amaphupho akho noma ukuphila impilo yezifiso.

Ngikufisela okuhle konke nokuhle kodwa
Zithande uzihloniphe uzinakekele ungezwa ngabo!

14/01/2024

🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️

Kuyona yonke imibuzo ozibuza yona uSomandla uyimpendulo cela kuye yiwa ngedolo. Bese ulinda isikhathi sakho.

Konke kuyangesikhathi.

Ithonga nezithunywa zinawe ziyasibona isimo okuso kepha umyakazo wokuguqula lesosimo usezandleni zakho.

Isinqumo okufanele usithathe njengamanje sokwenza ushintsho oluzokwakhela ikusasa lakho ozoziqhenya ngalo.

Sebenzisa isikhathi sakho kahle. Zilungiselele bheka emuva emaphutheni owenzile bese uzibophezela ukungawaphindi.
Phokophela phambili kulokho okufisayo nofuna ukuzuza konke kuzofezeka.

Zethembe. Kholelwa kuwe uzonqoba impumelelo yakho ayikude nawe.
Usenethuba manje lisebenzise.

13/01/2024

🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️🕯️
Ngalezibani ngikhulekela ukuthi kube khona ukuthula noxolo.
Makube khona ukuthula empilweni. yonke imimoya ezamazamisa impilo yakho nezimo ezilahlisa ithemba zemimoya yalelizwe mazithule zithi nya

Umoya ongcwele uthath indawo yawo.

Address

PO Box 831 KwaSikhonyane. Estcourt
Estcourt
3310

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mthandazi Siyanda Miya posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to Mthandazi Siyanda Miya:

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram