22/01/2025
Kwi transport yomphakathi kugcwele ama passengers, bese kusukuma ubaba omdala ashumeyele ngoJesu athi "Phendukani nonke ngokuba uJesu uyabuya ngokushesha.."
Owesifazane owayehamba nomntwana ona 7 years asukume ayithethise lendoda, athi "Awusiyeke ngamanga wena baba umdala kangaka, akukho Jesu wabuya la, ngoba vele ayikho kwalento okuthiwa uJesu inganekwane nje."
Indoda yentshumayelo yazizwa iphoxeka, yase ihlala phansi ijabhile.
Kwathi lapho isihleli phansi wayilahla unembeza, kwanento elokhu ithi ayisukume noma kunzima izimemezele lezindaba zokubuya kukaJesu.
Nebala yaphinde yasukuma lendoda yamemeza ishumayela ngokubuya kukaJesu, yathi "Phendukani ngokuba umbuso weZulu ususondele, uJesu uyabuya manje."
Owesifazane naye akazibekanga phansi, wasukuma wamemeza wathi "Ey webaba ngithe kuwe akewusixolele ngezinganekwane, ayikho lento yakho noJesu."
Lendoda ayiphelanga amandla yaqhubeka yashumayela imemezela ngokubuya kukaJesu, "Phendukani nonke nishiye izono ngoba uJesu uyabuya manje."
Owesifazane akazibekanga phansi, naye ememeza ethi, "Ayikho into okuthiwa uJesu, awusiyeke wendoda, please."
Kwagcina sekunomsindo omkhulu kule transport, kuyindoda eshumayelayo nomama othethayo.
Wathi esaqhubeka nokuthetha lo wesifazane, wezwa ingane imthinta, ithi, "Mama myeke musa ukumthethisa, ngoba lomuntu ngempela uyisithunywa sikaNkulunkulu."
Owesifazane wavele waphelelwa ngamazwi wabhekisa amehlo phezulu wakhala kakhulu.
Ukukhala kowesifazane kwathinta izinhliziyo zamanye ama passengers, aqala ahlasela indoda ebishumayela, athi "Uyayibona imikhuba yakho wena ndoda, njengoba ulokhu usifundekela ngoJesu ongekho, kunini lomama ekukhuza ethi yeka lomsindo owenzayo." Baqala bonke bayihlasela indoda ebishumayela bayishaya.
Kuthe besayishaya owesifazane wamemeza kakhulu, wathi "Myekeni."
Babuza bathi uthi asimyekeleni, siyamshaya thina lomuntu usibangela isicefe ngalentshumayelo yakhe?"
Owesifazane waqhubeka wabakhuza ethi "Myekeni, ngempela lomuntu uyisithunywa sikaNkulunkulu."
Wathi "Bhekani lomntwana engihamba naye ubengakhulumi selokhu azalwa, manje useyakhuluma."
Nempela abantu bayeka ukushaya lendoda, baqala manje bazisola ngesenzo sabo.
Ingane yasukuma yaya kuye lobaba obeshaywa, yathi "Baba baxolele abakwazi abakwenzayo, ngicela usukume uqhubeke nentshumayelo, baningi abazosizakala, bheka mina senginobufakazi bengingakhulumi, kodwa manje sengiyakhuluma."
Mntakababa yebo ngiyavuma nawe sesiside isikhathi ugula/ugulelwa ungasizakali.
Sesiside isikhathi ufuna umsebenzi ungawutholi, kodwa ngifisa ukuthi uthi"Namhlanje usuku lwami." Ungawudeleli umsindo walentshumayelo ngoba kungenzeka uzophilisa wena. Shono nje ungesabi uthi, "Namhlanje usuku lwami."
No matter what you going through in life never stop trusting God.
Namhlanje usuku lwakho, please say "Namhlanje usuku lwami" and share this message utshele ama-friends, ama-colleagues, izihlobo and other groups.
God bless you all👏🙏➡️ Please share this Post