10/01/2026
isihlahla anginaso eduze
igoba Ndlovu!!
isizulu asitolikwa ke lomuthi uyazisho nje igobandlovu okusho ugoba izindlovu💪
ubani indlovu?? indlovu kungaba ikona konke okukunika inkinga empilweni yakho noma okungakunika inkinga
kungaba umuntu qobo lwakhe or Kube izinkinga esezixakile osuhambe amazwe uzama ukuzilungisa ulwa nazo kodwa cha ziyakuhlula
kuye kuyiwe kulesihlahla salomuthi ke bese kucelwa kusona Wenze usiko lwakhona bese ke usuyaxebulanigxolo mawukhonze impande ubuye nayo
lomuthi uyangena emthini yesithunzi mawufuna Abantu bakukhothamele , lomuthi uzokusiza mangabe ufunwa Abantu beza Kabi Kwena uyabagobisa bathambe njengobhanana , lomuthi uzokusiza mangabe kukhona okufunayo uwusebenzise bese uqonda ngqo!! lapho kunento ethile oyfunayo ukhulume nabo bavume konke okushoyo
lomuthi uzokusiza kakhulu mawucupha noma ubuyisela emuva ,uzokushayela nabathakathi ekuthiwa banamakhanda aw 7 ubashaye nabo bengakholwa
lomuthi Kanti awgcini lapho uyalapha izifo esezixakile special ezikhandwe ngemithi njengamalumbo kakhulu lawa ahlala esiswini , isisu esikhulu ngabe sigcwala umoya or kunento enyakazayo phakathi , iyashiswa lomuthi uxutshwe namathumbu engungumbane Kanye nezinyoka ethile bese niyifasa niyibopha induku iqina bese ngithatha seniyijija ke aike zizokhala ilumbo lithi nyawo zami ngibelethe!!!
nawe ohamba uyofesa emafemini uwusebenzise lomuthi
Kanti uwugade ke mawuzothola umthakathi osemnkantshu bovu uyakwazi ukuwuphendula awuguqule ube umuthi omubi bese enishaya ngawo ekhaya Kini anivale ngawo, meqeda eseyagadla ke amoshe niyozama ukulungisa nohamba Nona bafishane ayikho inyanga eyokwazi ukunisiza , Yebo bayofika okhokhovula inkinga bazogoba angeke bayithole solution ekuyiyo omunye angeke afike nokufika uyothumela ithwasa noncinda Michele nigeze lutho
Wena ohlushwa ubaba wengane akayifaki imali uzokusiza lomuthi
Wena ofetshelwa intombi uzokusiza lomuthi igobe indlovu ithobele Wena