Thokozani traditional healers organisation

Thokozani traditional healers organisation Am a traditional healers atoughed by the ancestors I helped those who believed in Me

07/01/2025

ZINTATHU LEZINTO FUTHI ZIYA PHILA
☆.. INZUNZU
☆..UMNDAWE
☆..UMLOZI

ICINISO LITHI
☆.. UMNDAWE USHADA NE STHUNYWA SE NZUNZU
☆..UMLOZI USHADA NE STHUNYWA SE NZUNZU

NGEKE UTHOLE UMLOZI USHADA NE MNDAWE BESE UTHI KUNOKU PHILA LAPHO FUNDA UTHOLE ULWAZI .
Thokozani bantwana bedlozi

07/01/2025

Edlozini wena ohlushwa unkoskazi noma umyeni wakho awenze kanjena
=Umaysaka
"Uvuma
"Umunyu
"Umphenduli
"Isnama
"Amafutha emvubu isthole
"Amafutha enhlahla lawa abomvu

Mix lapha bese ugcoba ngaphambili uma seniyo kwenza inkonzo yasekamereni nasemzimbeni ksukela esfubeni kugcine enkabeni

amen🙏🙏🙏thokoza

06/01/2025

Ngyanibingelela nonke edlozini

Let all pray in Jesus name and don't forget to light impepho yamadlozi if you are done praying
03/01/2025

Let all pray in Jesus name and don't forget to light impepho yamadlozi if you are done praying

Ukuphahla emsamo kubaluleke kakhulu Umawendza umphahlo ungashiyi ngisho nalinye idlozi abize onke,njengoba nibona ayikho...
03/01/2025

Ukuphahla emsamo kubaluleke kakhulu

Umawendza umphahlo ungashiyi ngisho nalinye idlozi abize onke,njengoba nibona ayikho into engekho lahhh

03/01/2025

Ubizo

-ukuzamula uphume nyembezi
-ukubhodla
-ukuzondwa bantu for nothing
-imali engahlali
-ukuba moody
-ukuthanda nokuhlala wedwa la kungenamsindo khona
-ukuphathwa mehlo
-ukugula njalo uze ungazi wenzeni
-ukufa kwemizwa
-ukuphupha iskole namanzi
-uphuphe izinyoka,inkosazane,inkanyamba zasemanzini
-ukuphupha ujahwa nkomo
-ukuba nolaka kwesiny skhath
-ukusaba umfula or lwandle
-ukudikiza kwenyama yomzimba
-uphuphamabhayi namajazi
-ukuphupha ubuhlalu nentambo
-ukuphathwa mazinyo
-inyawo vuvukalayo
-ukunukelwa mqombothi or snemfu,or umzansi
-ukuphupha zangoma
-ukuphupha khuluma nabadala bakini
-ukungasifuni skole mufund makmele uye yabalisa kuth lala
-abangani bayakujikela nabomndeni kube ngath awthandeki
-ukufikelwa islilo ngath ungakhala nje
-umuthi ngakusebenzeli,uhlupheke nje
-ukuphupha zinto zenzeke
-ukuzwa voice ikumemeza
-ukufuna mntwana ungamtholi
-ukusindwa emahlombe
-iqolo elibuhlungu
-ikhanda elihluphayo
-inzululwane esasyezi
-ukuphupha mabutho kaZulu nemikoto namahawu
-ukuphupha undiza emoyeni or ngebhamoyi
-inhlungu eswini like cramps
-ukuthandwa inhlanya
-ukuthandwa abantwana abancane
-kube khona nalowakini ovele akucasule or nivame kuxabana naye kwabanye kuba umzali umphendule isnoma kanjani nje

If unalezimpawu sebenzisa mpande/muthi obizwa Icacisa uphahle khaya komalume mawhlawuliwe konke kwaphelela phahla kini or mfuleni or ntabeni uzohlukaniseleka ngoba akuwowonke munt okmele athwase abanye ukulungisa nje zinto zabo kuqhume nhlanhla kuye hambe yofun msebenzi 🕯️🥛🕯️
Ziningi izimpawu zedlozi ne sthunywa Thokoza 🙏🙏🙏🙏🙏

03/01/2025

AMAPHUPHO NEZINCAZELO 2

⛯Ukuphupha ushonile noma umuntu osaphila eshonile - kubika impilo ende
⛯Ukuphupha ungcwatshwa - kubika ukuthwetshulwa nokucuywa kwamandla akho nezinhlanhla nokuvalwa impumelelo
⛯Ukuphupha ugundile - kubika ukwehla kokuzithemba
⛯Ukuphupha uqhinile -kubika ukuboshwa kwamandla nokuzithemba
⛯Ukuphupha usinda ngobulongwe -kubika umsebenzi okmele wenziwe
⛯Ukuphupha udla umoba -kubika inhlanhla
⛯Ukuphupha umuntu othandana naye ehamba nqunu usuke uzophoxeka noma yena
⛯Ukuphupha ugqiba imali -kubika ukubhedelwa iyizinto nokuhlupheka
⛯Ukuphupha ubuza noma uxebuka isikhumba -kubika ukucuywa
⛯Ukuphupha ugqoke impahla zasejele -kubika ukuthi kunento ekuwe ongaynakile engamisa impilo yakho
⛯Ukuphupha umuntu ophilayo ehlanya -kubika ukuthi usebunzimeni
⛯Ukuphupha amawele -kubika ukuthi unezimbangi
⛯Ukuphupha amajazi esonto -kubika amandla ophiwa ithonga, kumele uwathungise
⛯Ukuphupha inyoka emnyama izala noma amaqanda enyoka -kubika ukwanda kwezitha
⛯Ukuphupha ukhulelwe -kubika ukuthi abadala bafuna ukupha umtwana noma kunemfihlo ezivela ngawe
⛯Ukuphupha ulunywa yinja yaka mngani wakho noma yakhabo muntu othandana naye -kubika ukungathandwa yidlozi lakubo noma khona ilunga lomndeni wakubo elingakuthandi
⛯Ukuphupha ubalekela amaphoyisa -kubika ukuthi ubalekela ubizo noma ukuthwasa, Noma kunento oyenzayo engiyinhle ngokwethonga
⛯Ukuphupha uthenga izingubo zomtwana -kubika ukuthi idlozi lizokupha umtwana noma khona umtwana owaphuphuma odinga ukugqokiswa

Thokoza 🙏🙌
Ezintabeni zangesheya

02/01/2025

Nibe nebusuku obuhle bathandekayo

31/12/2024

Happy new year kini nonke zithandwa zengkosi nginifisela inhlanhla nonke🙏🙏🙏🙏😘

19/04/2024

Address

Kanyamazane
Mbombela

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Thokozani traditional healers organisation posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram