Unjani Clinic Mtubatuba

Unjani Clinic Mtubatuba PRIVATE PRIMARY HEALTH CARE FACILITY
(1)

Glow drip special 24 September 2025. ❣️
23/09/2025

Glow drip special 24 September 2025. ❣️

Sivulile ngomhlaka 24 September 2025(Heritage day).
18/09/2025

Sivulile ngomhlaka 24 September 2025(Heritage day).

Siyabingelela..Sicela ukugqugquzela abantu beslisa abanemnyaka engaphezulu kwamashumi amane (40) ukuba bahlolele umdlavu...
18/08/2025

Siyabingelela..
Sicela ukugqugquzela abantu beslisa abanemnyaka engaphezulu kwamashumi amane (40) ukuba bahlolele umdlavuzo wabesilisa phecelezi, I prostate cancer.
Ihlolwa ngokuth kuthathwe igazi liyohlolwa e laboratory.
Sesihlangabezane nabaningi abanalenkinga kodwa isuke isibhebhethekile. Kuba ngcono uma isheshe yanqandwa.
Ungaze ulinde ukuth ube nezimpawu.
Zona ezinye izimpawu ziba njena:
-Umchamo ophuma kanzima
-Ubuhlungu uma uchama
-Umchamo onegazi
-Umchamo ojaha eduze
-Ukungakwazi ukusebenza ngokujwayelekile ekamelweni

Abantu beslisa asebekhulile bahlaseleka kakhulu.
Uma ubaba wekhaya etholakala ukuth unayo, kubalulekile ukuth namadodana akhe ahlolwe ngoba kuyaba nofuzo lwayo.

Ukuhlolela I prostate cancer kuba u R180 e Unjani Clinic Mtubatuba

30/07/2025

Ama directions ase Unjani Clinic Mtubatuba

23/07/2025

Ukubaluleka kwamaphilisi abantu abakhulelwe.

Amaphilisi anikezwa abantu abakhulelwe abaluleke kakhulu.

Kukhona asiza ukukhanda igazi ukuze umama ezokwazi ukuthi alidlulisele enganeni, lingamushodeli naye umama.

Avikela ukuthi angabi nenkinga yokopha uma eseteta.

Lawa okuthiwa i folic acid avikela ingane ingazalwa nokukhubazeka okubizwa ngama neural tube defects.

Avikela ukuth umama angabi nenkinga yokudlikiza uma enyukelwa I BP.

Kubalulekile ukuqala I clinic early nokudla amaphilisi akho abakhulelwe kahle.
Uma e out of stock lapha oclinica khona ungeza e Unjani Clinic Mtubatuba uzothola ukusizakala.

22/07/2025

Acid reflux/Ulcers

Sibingelele. Asifundisane nge acid reflux..

Izimpawu zayo:
Islungulela ukushisa nobuhlungu esfubeni.
Ukuphalaza into emuncu ebabayo.
Ukuthunukala okuba nokushisa esiswini nasesfubeni.
Ukungakuthandi ukudla.
Ukukhishwa isisu emva kokudla ukudla okune acid eningi njengo bhontshisi.

Ubuhlungu bakhona bungagcina buzwakala nangaphansi kwezimbambo naseqolo.
Uma usube nalenkinga iskhathi eside ingagcina idala inkinga yezilonda esiswini phecelezi ama ulcer.

Ezinye zezinto ezidala I acid eningi esiswin
- ubhontshisi
-iklabishi
-ama drink
-ama energy drink
- I coffee
- ugwayi
-ukuphuza amanzi amponjwana ngokweqile
-upelepele
- o curry ababayo
- utamatisi
- ezinye izinhlobo zamaphilisi njenge aspirin, nalawa ayimpuphu asetshenziswa kakhulu abantu abahlushwa ikhanda, ilawa amancane amhlophe awesfuba.

I acid reflux iyalapheka futhi iyalawuleka.
Woza e Unjani Clinic Mtubatuba uzothola usizo.

Thola I immune booster drip yakho, ukuze uvikeleke ekuguleni. Ibuyisa amandla emzimbeni, iphinde ibe no vitamin c wokuvi...
10/07/2025

Thola I immune booster drip yakho, ukuze uvikeleke ekuguleni.
Ibuyisa amandla emzimbeni, iphinde ibe no vitamin c wokuvikela umkhuhlane kanye no b12 osiza ukukhiqiza igazi.
R350 nje kuphela.

Woza uzoxilongwa uthole usizo ngokugula onakho, uthole nemithi. Sisezansi ngase absa edolobheni.
04/07/2025

Woza uzoxilongwa uthole usizo ngokugula onakho, uthole nemithi.
Sisezansi ngase absa edolobheni.

23/06/2025

Sivulile 8am to 5pm Monday to Friday.
Saturday 9am to 1pm.
Sunday kuvaliwe. 🙏🏿

15/06/2025

Izimpawu zokushodelwa igazi:

Ukukhathala
Ukushayelwa inhliziyo ngamandla.Ukuphelelwa umoya. Ukudla izinto ezingajwayelekile njengenhlabathi, umcako, u chalk we bodi, ama ayisi.
Woza e unjani clinic mtubatuba ukuzohlolwa. Consultation u R300 uzothola nemithi nomjovo.

Umkhuhlane okhona udla lubi. Ungadlali umkhuhlane ikhona i Unjani clinic Mtubatuba. Ngo R300 uzothola amaphilisi ahluken...
13/06/2025

Umkhuhlane okhona udla lubi. Ungadlali umkhuhlane ikhona i Unjani clinic Mtubatuba. Ngo R300 uzothola amaphilisi ahlukene alwa nomkhuhlane,umithi wokukhwehlela, nomjovo.

13/06/2025

Sivulile ngomhlaka 16 June 2025.
9am to 1pm.
🙏🏿

Address

Jan Smuts Avenue, Near Absa And Nedbank
Mtubatuba
3935

Opening Hours

Monday 08:00 - 17:00
Tuesday 08:00 - 17:00
Wednesday 08:00 - 17:00
Thursday 08:00 - 17:00
Friday 08:00 - 17:00
Saturday 09:00 - 12:45

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Unjani Clinic Mtubatuba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to Unjani Clinic Mtubatuba:

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram