24/08/2025
Thokozani🌈
“Isichitho seDlozi‼️‼️‼️
● Lesi isichitho osifakelwa iDlozi ngenxa yokuthi awubalaleli futhi awuyenzi lento abadinga ukuthi uyenze.
● Maselikhathele ukukhuluma nawe into eyodwa, iDlozi liyakuchitha emsebenzini, likuchithe kubangani, likuchithe othandweni, likuchithe ngisho emndenini.
● Ube umuntu oxabana nawowonke umuntu, ubone ngathi wonke umuntu uyakuzonda, akusalungi lutho empilweni yakho. Yonke into oyithintayo iyonakala.
● Lesisichitho uma uzama ukusigeza, silokhu sibuyile ngoba kusuke sekudingeka ukuthi ushwelezelwe emaDlozini, ugezwe ebese wenza lokhu abakukhalelayo. Kubalulekile ukuthi ungahlali nesichitho ungasigezile ngoba simosha kwasani. Ungalinge uthembise iDlozi ukuthi uzokwenza into ethile ebese ungayenzi ngoba bayobuya ngolaka sebefuna ufeze isethembiso sakho.
● Uyothenga iziwasho nemithi, uhambe yonke imifula kodwa makuyischitho seDlozi, uyongena naso emanzini uphinde uphume naso mawuzitshela ukuthi ischitho sabathakathi.
● Ababalekela ubizo ibona abavame ukuba nalenkinga but akubona bodwa. Mawuya kumelaphi zifundise ukubuza imibuzo ubuzisise. Ungagcini ngokuzwa ukuthi ischitho, buza ukuthi sidalwa yini”
Copied‼️