Mkhulu Nhlaba

Mkhulu Nhlaba Inyanga | Mthandazi | Melaphi |

Ngilapha abantu abadinga usizo lwesintu.

Induku zam zigaywe ngemithi yasenhlane, entabeni nasemfuleni.

*Medicinal products made with plants from the mountains and riverbanks zakwaNongoma.

08/11/2023

Thokozani zihlobo,

Khanikhe nizifundise ukhuluma namadlozi akini. Mabekukhombisa okuthile ngamaphupho, mhlampe ungaliqondi lichazani vuka ukhuleke ubacele bakuhlaziyele bona. Uhlale ulinde impendulo kubo.

Bafethu abantu bayadukisana ngaphandle. Uyobona sotshelwa kuthi thwasa kanti bekungafanele. Khulumani nedalo zenu.

Amen🙏🏽

06/11/2023

Thokozani zihlobo,

Umntu akathwasiswa ngugobela, uthwasiswa lithonga lakhe. Ugobela ngumuntu abamcelayo kuthi abeliliso labo emhlabeni khona azokusiza ngokwenza izinto abakutshena wena ngane yabo kuthi yenze. Ngabi abakunika izibonakaliso okanye bakuhlebele ngezinto abazidingayo khona ukuze baphile kuwe.

Muvuma ukuthatha umsebenzi wabo, yazi kuthi wenza isivumelwano esibalulekileyo ebomini bakho, awukhoni uvele ushiye phansi kalula. Kuyabekezelwa.

03/11/2023

Nginibingelele zihlobo,

Niyazi mos kuthi ukubanemimoya akusho kuthi kumele uthwasele ubungoma. Bakhona abantu abathunywa ngamathonga akubo bekhuluma bakhombise emaphuseni abakudingayo kuwe okanye okumele ukwenze.

Umuntu omele athwase uzokwazilokho ngoba bazakukhombisa. Mufanele uthwasile linda umnini womsebenzi akhulume kuwe. Mengekakhulumi kodwa uyezwa kuthi kukhona okwenzekayo, ungasebenzisa igobongo lokwelula imimoya ukhuleke. Abantu bayadukisana la ngaphandle, lalela ithonga lakho.

Amen 🙏🏽

01/11/2023

Thokozani bangani!

Bengithi mangini khumbuze kuthi kuhle ukhumbula nokubonga abantu abadala. Ubabongele ukugcina nokuvikela kwizinto zalo mhlaba. Makfika uDecember singazi jabulisi sodwa, nabo sibajabulise ngetiye.

Yebo sona isimo semali sikhe sibenzima kodwa mele ubongele oko ukuphiweyo. Mubabonga uyokwenza ngamandla onawo ejuba noma imbuzi.

Amen🙏🏽

28/10/2023

Thokozani zihlobo,

Lithini iculo lakho lokholo ozomeleza ngalo noma elikuvusela umoya.

27/10/2023

Thokozani zihlobo,

Kunesimo engisibukayo kwindawo abantu abasebenza kuzo. Tholekuthi kunzima ubheka phambili kuwe ngoba abantu osebenza nabo basebenzisa imithi engcolile kuze ezabo izinto zibahamele kahle.

Zivikeleni ningashayeki. Ungashawa zizinto ezingahlangene nawe, gcaba uziqinise.

Amen🙏🏽

02/10/2023

Thokozani zihlobo,

Mabe khona abadinga usizo eGoli bangangi thinta ku 071 563 8009.

Imithi neyiwasho nayo iyatholakala.

Makukhanye🕯
Makhosi

17/08/2023

Thokozani zihlobo.

Imisebenzi yamadlozi akusiyo imilingo. Izinto zakhona azihlezi zishesha, okunye kuthatha iskhathi kuze kukhyanye okanye isimo sishintshe.

Phahla,ukhululeke,ubonge,ucele.
Ungalahli ithemba,konke kuzohlangana ekugcineni.

Amen🙏🏽

Zifundise ukuhlala unenhliziyo ebongayo! Amen.
07/08/2023

Zifundise ukuhlala unenhliziyo ebongayo!

Amen.

Inkonyane yedlozi iyojabula may’zongena ekhaya! Thokozani zihlobo, ingane isikhulile ibheka ekhaya. Nangu Mkhulu Ntandoy...
17/07/2023

Inkonyane yedlozi iyojabula may’zongena ekhaya!

Thokozani zihlobo, ingane isikhulile ibheka ekhaya.

Nangu Mkhulu Ntandoyezangoma!

Amen.

07/06/2023

Asbonge ingane zethonga ngozosi zimasisa kumsebenzi wethwasa. Akaselo thwasa ke manje, sekhulile.

Thokozani zihlobo,Ayikho into edlula umkhuleko. Zimisele emkhulekeni ucele kumdali akusondezele izidalo zakini nengelosi...
14/05/2023

Thokozani zihlobo,

Ayikho into edlula umkhuleko. Zimisele emkhulekeni ucele kumdali akusondezele izidalo zakini nengelosi zikhulume nawe ngendlela eqondileyo.

Makukhanye. Amen

Address

Lindizwe
Nongoma
3095

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 17:00
Sunday 09:00 - 17:00

Telephone

+27715638009

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mkhulu Nhlaba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share