kwaShezi lana

kwaShezi lana we don't judge

Ngicabanga valentine's day njalo
11/02/2026

Ngicabanga valentine's day njalo

Sibuyele emakhaya okukuqala emva kweminyaka eyishumi sibalekile.... Sahamba kukubi omunye umnomzane esedubule wabulala u...
09/02/2026

Sibuyele emakhaya okukuqala emva kweminyaka eyishumi sibalekile.... Sahamba kukubi omunye umnomzane esedubule wabulala umfethu engimelamayo ngenxa yokuthi ubhuti wamuveza emphakathini ukuthi ubesebenzela yena ukuntshontsha izinkomo.

Ubhuti wamuveza emhlanganweni we skebhe ediniwe ukuthi umunika R500 ngenkomo uma ebathumile. Inkanga ke sasingo fakazi sino Mama ngoba wamubhodloza ngenhlali bathatha sibuka. Lavulwa icala kwase kuqhamuka iPhoyisa elathi masibaleke akukho lula neze kuboshwe lomnumzane uxhumene nabaningi.

Sibuya nje Sithole ucingo ubefihlwa ubulewe yinkomo entabeni Kade ezama ukuyeba yamhlaba yamhlikiza

Ngibuka lento ka Senzo Meyiwa. Uma kuwukuthi wadubuleka ngephutha oyedwa kubantu ayehlezi nabo kwakumele evume lowo esho...
06/02/2026

Ngibuka lento ka Senzo Meyiwa. Uma kuwukuthi wadubuleka ngephutha oyedwa kubantu ayehlezi nabo kwakumele evume lowo esho kube yiphutha agwetshwe adonse kungabe usaphuma hlampe manje ejele. Manje kumosheka iskhathi ngoba kungenzeka kukhona ohlulwa ukuvuma iphutha lakhe.

Nampa oJub Jub babulala izingane badonsa sesixolile ngoba bavuma amaphutha abo.

Lana bengiqeda kuhlangana nomzali wenye insizwa eyisigebengu kodwa kubo lensizwa iyisibonelo sengane ehloniphayo. Njengo...
03/02/2026

Lana bengiqeda kuhlangana nomzali wenye insizwa eyisigebengu kodwa kubo lensizwa iyisibonelo sengane ehloniphayo. Njengo bhuti osemdala ngihlezi ngiyi khuza kodwa ngiyabona uzobona ngomopho njengami.

Mina uMah waquleka uBaba yena bamufihla mina ngabe ngodonsa ingilingili. Sasise nkantolo bezwa amacala engibekwa wona futhi enobufakazi ukuthi yimi owenzayo ngathi ngiqeda kuwavuma amacala abazali bami bawa phansi babe ngakholwa. Lento izokwenzeka kulo mfanyana uzobulala abazali engahlosile

03/02/2026

I got over 50 reactions on my posts last week! Thanks everyone for your support! 🎉

Ngiyagudla lana ngidlula ngakwa Khansela ei lendoda sathi sizoyi dilivela usimende lishisa kanje ilanga sathi sicela oko...
02/02/2026

Ngiyagudla lana ngidlula ngakwa Khansela ei lendoda sathi sizoyi dilivela usimende lishisa kanje ilanga sathi sicela okokuphuza sinxaniwe. Yathi isasukuma nje wayimemeza uNjabulo omunye ubhuti engangisebenza naye wathi "ai mlungu noma ngabe yilokhu okubabayo akunankinga" wavele wabuya ne 6 ebandayo.

Sathi sisaqede 1-1 amakani wathi nizokwanela lapho noma ngidonse obunye awuuuu sasholo phezulu donsa mlungu 💪 wabuza wathi 2 noma 1 sathi 2. Wabuya nawo awu 2 ama 6 abandayo. Sashaya saqina impela nathi. Sudize siqede bese sibonge sithi sizoqhubeka ngendlela ukushaya.

Wavele wathi abuphumi layikhaya utshwala futhi angibubuyiseli emuva obalayi khaya ubuphuza ubuqede so nani sizoqeda lapho bese niyahamba madoda washo wahlina kakhulu ngapha uyafona umlungu ufuna izolayisha imoto. Saminya mawala saphuma sesidakiwe impela inkinga ke le emuva sizothini......

With Skhinkily Skhinkily – I just got recognized as one of their top fans! 🎉
31/01/2026

With Skhinkily Skhinkily – I just got recognized as one of their top fans! 🎉

Ngake ngadlula I truck yamaSosha izimele nje wona ewu 4 nezibhamu ezinkulu ai nginganaki mangithi dundu awuuu kunje road...
29/01/2026

Ngake ngadlula I truck yamaSosha izimele nje wona ewu 4 nezibhamu ezinkulu ai nginganaki mangithi dundu awuuu kunje road block 🙆😓 lapho inkoqoba yami iya kicker ayina hand brake ama lights awasebenzi idonsa ku 5L uPetrol ngaphakathi enjinini.

Bangikhomba eceleni kwathi angijike ngabona ukuth legenge emile lena igade ojikayo. Ai ngama sengimanzi te umjuluko lathi iSosha ulisaphi legobobongo? Ngaxolisa ngathi ngivela ukolithenga ngiyoli lungisa lathi s**a lana ngingaze ngicikeke. Yini lowo manje ngibacela bengiphushe ukuba lake lathi awuvule Bonet awuuu ngangifile ei umuntu uphuma kude nempilo

Kade ngibuka esinye isikole ekuthiwa uMvoti high school sibiyiwe kahle asinawo uPotsho noma ngithi indawo yokuphuma abaz...
28/01/2026

Kade ngibuka esinye isikole ekuthiwa uMvoti high school sibiyiwe kahle asinawo uPotsho noma ngithi indawo yokuphuma abazivulele yona abafundi ngoku nqamula ucingo. Ngiyadideka ukuthi azisekho yini izingqwele ena high school ezishaya umthetho.

Mina lakade ngifunda khona babevula upotsho ongaphuma imoto qobo uma usukhathele ukufunda usufuna ukuya ekhaya wawuhlaba ngejubane uyophuma khona noma ngabe uyakubona uthisha still abafundi babe baningi ngeke abe nalo ulwazi ukuthi ubani lobephuma laphaya.

Lenkunzi esesithombeni sahamba nayo safaka ukhuni engidini ekhiye isango lesikole salugxisha sashaya nange Sando ekuseni selivula iPhoyisa awungen ukhiye waphela u30 minutes besafuna izinto zokubulala ingidi.

Your Girlfriend vsPolo drive: 14 February valentine
28/01/2026

Your Girlfriend vs

Polo drive: 14 February valentine

14 February ei madoda omunye bayomushiya endlini bayolala eHotel. Mina ngancama ngomunye unyaka bangishiya ekuseni wabuy...
28/01/2026

14 February ei madoda omunye bayomushiya endlini bayolala eHotel. Mina ngancama ngomunye unyaka bangishiya ekuseni wabuya ntambama nenqwaba yezinto ezimnandi.

Ngadla ngashaya sentwana ntambama kwangena msg efonini yakhe bebuza ukuthi uzijabulele yini izipho zakhe kanye nama yhinyayhinya. Yoh kwabuya konke no polony we Ngulube owawulapho. Ngancama

Address

68 Olympia Way Northdale
Pietermaritzburg
3244

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when kwaShezi lana posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Share on Facebook Share on Twitter Share on LinkedIn
Share on Pinterest Share on Reddit Share via Email
Share on WhatsApp Share on Instagram Share on Telegram