23/08/2025
Siyisizukulwane esiphuza I Ernegy drink ngokweqile... ikakhulakazi laba abanezimoto hhayi bayayiphuza JD...mabengena e garage nje umuntu ubuya no 2 or 4
Sisacela laba bezempilo o Doctor noma o nurse kebasitshele ububi bawo...asitheli inhlabathi ephalishini kodwa impilo ibaluleke kakhulu
Abanye bathi igcina isiwisa induku abanye bathi ugcine usuxebuka isikhumba ube mabalabala, abanye bathi yenza ushukela
Abanye bathi yenza amatshe enyongweni
Abanye Bathi yenza isifo senhliziyo
Abanye bathi ilwa nezinso
Anisichazele nina enaziyo baqinisile yini ngalezinto abazishoyo
Abanye bathi mawuyiphuza make sure uphuza amanzi kakhulu...umzimba ungathi udinga amanzi ugcine sewusebenzisa yona
Ngithathe u no name wesithombe ngoba kuzothiwa ngilwa ne business elithize