21/07/2025
Udlame lwasebudlelwaneni lungakhipha umphefumulo
u-Amahle Mtshali oneminyaka (13) ugwazwe wabulawa isoka lakhe elineminyaka (15).😭💔⚠️
●Kubikwa ukuthi ingxabano isuke ntambama ngenkathi uAmahle evakashele isoka kubo kwalo. Kungene whatsapp massage kumufi ukuyiyona edala inxabano , ngathi umufi unqabali ukunika umsolwa ifone nokuyilapho amgwaze khona ngeskero entameni .
●Uthe engabona ukuthi uAmahle sewopha kakhulu, waphuma wayobiza abazali bakhe endlini enkulu nokuthe mabephuthuma ku-Amahle bamufica eseshonile.
●Bahambile abazali bomfana ,bayobikela umndeni kamufi ngomshophi osuwenzekile. Kwaqubuka omkhulu umsindo wathola nokushaywa ngempama ubaba womfana, phambi komfazi wakhe.
●Umndeni kamufi uthi ufuna lomfana abolele ukhulele ejele ngalesenzo sakhe, njengoba abazali baka mfana becela kuxoxiswane . Bathi abacabangi ukuthi indodana yabo iyenze ngenhloso lento, kungenzeka ukuthi ibithi iyamthusa uAmahle. Bayafisa angaboshwa umfana wabo kodwa athethelwe njengoba naseskoleni ebenza kahle ezifundwen zakhe basabheke ikusasa elihle kuyena futhi ungumntwana ohloniphayo. Wenziwe ubungane kuyo yonke lento.
●Baveze nokuthi uma kungenziwa loluxolo ,bangazikhokha zonke izindleko zomngcwabo.
****Uma ufisa ukukhangisa ibhizinisi sithinte ku inbox ****