17/09/2025
Ultrasound, Sonar, Scan noma emafutheni amagama achaza into eyodwa. I Scan sabakhulelwe siyatholakala e Unjani Clinic Verulam ngo R300, akubhukhwa uyafika nje. Senziwa from Monday to Saturday.
Kubaluleke ngani ukwenza scan? I Scan
1. Sikhombisa ukuthi umtwana uphilile yini kanti futhi ukhula kanjani.
2. Sikhombisa ukuthi umtwana ungakanani kanti futhi angahle ezalwe nini (EDD) .
3. Sikhombisa ukuthi inhliziyo ishaya kahle yini, nokuthi umtwana akanakho yini ukukhubazeka lokhu okubonakala kwi scan (fetal abnormalities) .
4. Sikhombisa ukuthi abantwana bangaki esiswini (twins, triplets etc) .
5. Sikhombisa ukuthi umtwana ulele kanjani ngaphakathi (presentation) ,abukho yini ubungozi ngendlela alele ngayo.
6. Sikhombisa ukuthi mtwana muni (gender)
7. Sikhombisa ukuthi umzanyana (placenta) uphile kahle yini futhi uhleli kanjani.
8. Sikhombisa ukuthi amanzi (liqour) umtwana ahleli kuwo mangakanani
9. Sikhombisa isibeletho ukuthi siphile kahle yini, akunazigaxa (fibroid) nokuthi sikulungele ukuphatha umtwana